Latest Post

Residence Rundown The Apple of their heroes’ eyes: An album review Reforest Fest: A fezzie for the trees The Fallen Boer

 

SANDRA MBATHA

Ziningi izindaba ezisematheni futhi ezihlasimelisa umzimba kulezinsuku. Yilezi zokushiswa kwezitimela nezindlu eMlazi, ezokunyuka kukaphethiloli eNingizumu Afrika kanye nezokudlengulwa kwomntwana oneminyaka eyisithupha eGoli.

Izindaba ezingiphatha kabi kakhulu yilezi ezokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.

Kuhlukunyezwa abasancele amabele omama kanye nezalukazi ezindala, akukhethiwe.

Singabantu asisashaqeki uma sizizwa izindaba emisakazweni noma sizifunda emaphephandabeni zokuthi kukhona abesifazane abahlukumezekile noma abadlwenguliwe.

Sekwaba yinto eyinjwayela echazeka ngesisho esithi ‘yinsakavukela umchilo wesidwaba’ okuchaza ukuthi yinto eyenzeka ngezinsuku zonke.

Singabantu siphelelwe yizinhliziyo zokudabuka futhi abusekho Ubuntu bethu.

“Ubuntu” yigama elithanda ukusetshenziswa kakhulu kulenyuvesi i-Stellenbosch.

Abafundi bahlale bakhuthazwa futhi bekuthazana ukuthi babenobuntu. Kodwa inkinga ukuthi akwaziwa ukuthi leligama lichaza ukuthini kahle kahle.

Ukubanobuntu kusho ukuthi ubhlungubami nenjabulo yami kungubhlungu bakho nenjabulo yami.

Kusho ukuthi siphila siyimbumba. Kuya kuthiwe ngesintu “umuntu ungumuntu ngabantu”, okuchaza ukuthi ungumuntu akufanele kubelula ukuthi ulimaze omunye umuntu noma ubalekele umuntu owaziyo ukuthi udinga usizo.

Kusho ukuthi kukhona ubuhlungu abantu nemizimbaokumele ukuzwe uma uzwa  ngokulinyazwa kwabanye abantu-kube engathi kulinyazwa wena.

Ngoba akukho muntu ongakhiwanga ngezenzo zabanye bantu, nawe yakha abantu ngezenzo zakho.

Singalimazani. Esikhathini esiningi kuyakuthiwe umuntu uhlukunyezwa Siyintsha yalelizwe kukithingumuntu amaziyo.

Kufanele silalelane, umuntu mengabe uyala ukuya ocansini makube njalo.

Angaphoqeleki ukwenza izinto angavumanga ukuzenza ngomzimba wakhe.

Singabantu abasha phechelezi iYouth kukithi ukwenza iziqiniseko ukuthisiyanakekelana,siyahloniphana futhi siyakhana.

Asihlonipheni yabo njengoba siyihlonipha eyethu. Kuyiqiniso elibuhlungu ukuthi umehluko obanakalayo futhi senze isiqiniseko ukuthi abantu besifazane anabantwana bazizwa bephephile ezweni labo kodwa ngokuzimisela kungenzeka.

Siyintsha yalelizwe kukithi ukulibuyisa izwe lethu. Asililwele.

IsiZulu sithi “akukho zinyane  lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba”, okusho ukuthi uzowuthola umvuzo wokuzwisa omunye umuntu ubuhlungu. Yiba umuntu.

*Sandra Mbatha comes from Johannesburg and is a Second year BA International Studies student. She has also been elected as a member of the House Committee at Irene Ladies Residence for 2018/2019.

Related Post

Translate »
Social media & sharing icons powered by UltimatelySocial